43
iHubo · Hymn

Udumo lwakho, Nkulunkulu

Meter: 9.6.9.6.9.6.9.6.Tune: Hos. 399

1.

Udumo lwakho, Nkulunkulu, lukhul' eSiyoni. Iz'thembiso uzigcwalisa uzwa im'khuleko; beza kuwe abantu bonke; sineziphambeko, uyaziyekela izono zimbi zangahlula.

2.

Ubusisiw' okhethwa nguwe ahlale eduze siyasutha ethempelini ngokuhle, kungcwele. Nkulunkulu, nsindiso yethu uyithemba lezwe, umisa zonke izintaba uthulis' ulwandle.

3.

Abakhile kud' emhlabeni basaba bebona uthabis' umhlaba ngemvula uvundisa konke; umfula ugcwele amanzi, bonke banokudla, umatis' imisele yonke ulungis' umhlaba.

4.

Uyawuhlobisa umnyaka ngobumnene bakho. Aconsa namadlel' ehlane agquma abhinca; embeth' amadlelo ezimvu sibon' namabele: kuyajabula konke, Nkosi, kukuhlabelela.