44
iHubo · Hymn
INkosi ibe nomusa
Meter: 8.8.8.8.Tune: iCulo 10
1.
INkosi ibe nomusa kithina isibusise, ikhanyis' ubuso bayo phezu kwethu bantu bayo.
2.
Ukuze indlela yakho yaziw' emhlabeni wonke nensindiso yakho yonke kubo bonke abezizwe.
3.
Abantu mabakubonge Nkosi yethu, emhlabeni izizwe mazijabule zethabe ngomusa wakho.
4.
Izizwe uzahlulela ngokulunga uzihole abantu mabakubonge, Nkosi yethu, Phezukonke.
5.
Uyathel' umhlaba, Nkosi, izithelo zonke zawo. Wena uyasibusisa, umhlaba uyakwesaba.