47
iHubo · Hymn
Siyakubonga, Nkosi
Meter: 7.7.7.7.7.7.Tune: Hos. 271
1.Verse 1
Siyakubonga, Nkosi, Nkulunkulu, Somandla! Igama lakho, Nkosi, liduduza isizwe, bonk' abantu balanda iz'mangaliso zakho.
2.Verse 2
"Noma ngisalibele", kusho uNkulunkulu, "kepha ngiyosigcina isikhath' esamiswa; lofik' usuku lwami olokubahlulela.
3.Verse 3
Maningazindli nina ningaluphakamisi uphondo lwab' ababi ngentamo elukhuni". Ngoba ngumahluleli uNkulunkulu wethu.
4.Verse 4
Ngidumisa iNkosi, uNkulunkulu wami! Izimpondo zababi uyakukuzinquma; keph' ezolungileyo ziyakuphakanyiswa!