5
iHubo · Hymn
Yizwa amazwi ami, Ngikhona, engikhala ngawo kuWena
Meter: 10.9.10.9.Tune: entsha
1.
Yizwa amazwi ami, Ngikhona, engikhala ngawo kuWena, yizw' ekuseni mangikhuleka, ngoba ngilinda, o Ngikhona.
2.
Wen' awuthandi konke okubi akunandawo phambi kwakho, uyabazonda bonke ababi ubabhubhisa abanjalo.
3.
Mina ngingena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho; awungihol' endleleni yakho ungilungise phambi kwakho.
4.
Bayonakala banenkohliso bayathopha ngolimi lwabo, mawubalahle ngenxa yecebo neziphambeko abanazo.
5.
Akajabule okwethembayo ngokuba uyamlondoloza, uyabusiswa ngomusa wakho omphahla ngawo, o Ngikhona.