50
iHubo · Hymn

Beka indlebe yakho

Meter: 7.6.7.6.
1.Verse 1

Beka indlebe yakho Nkosi, ngiphendule, ngokuba ngilusizi ngingumunt' ompofu.

2.Verse 2

Ngilondoloze, Nkosi, ngoba ngingoqotho; sindis' inceku yakho ekwethembayo, Nkos'.

3.Verse 3

Ngikhala kuwe, Nkosi, yiba nomusa kim'; unomusa omkhulu uzongiphendula.

4.Verse 4

KuWena, Nkosi yami, ngiwuphakamisel' umphefumulo wami: yizw' umthandazo wam'.

5.Verse 5

Beka indlebe yakho emkhulekweni wam'; ngikhala kuwe, Nkosi, uzongiphendula.

6.Verse 6

Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, Nkos', akakh' ofana nawe ngesimo nomsebenz'.

7.Verse 7

Izizw' ozenzileyo ziyofika zonke, zikhothame kuWena zitus' igama lakh'.

8.Verse 8

Ngokub' umkhulu Wena uyazenza njalo iz'mangaliso zakho Wena wedw' uyiNkos'.

9.Verse 9

Yenz' inhliziyo yami iqond' into-nye, Nkos'; khona ngizokuhamba eqiniswen' lakho.

10.Verse 10

Ngizokubonga, Nkosi, ngenhliziyo yami, ngokub' umusa wakho mukhulu phezu kwam'.

11.Verse 11

Zikhon' izideleli ezingivukela ziyangifuna mina ziyakudelela.

12.Verse 12

Kepha Wena, Somandla, ohawukelayo uvamé ubumnene nokuthembeka, Nkos'.

13.Verse 13

Phendukela kimina ube nomusa kim'; uyiph' inceku yakho amandla akho, Nkos'.

14.Verse 14

Ngenzel' isiboniso sokuhle, Nkosi yam', ukuz' izitha zami zibone zijabhe.