51
iHubo · Hymn

UJehov' uyawathanda

Meter: 8.8.8.8.Tune: Dum.49

1.

UJehov' uyawathanda amasang' aseSiyoni kunazo zonke izindlu zesizwe sikaJakobe.

2.

Ngawe-muzi kaNgikhona kukhulunywa okumnandi wena udunyiswa njalo, wena muzi kaNgikhona.

3.

Ngizobala iGibithe neBabele elikhulu iFilistiya neTire kanye nezwe laseKushe.

4.

Lezozizwe zangaphandle zizobalw' isandla sami kulabo abangaziyo abavela eSiyoni.

5.

NgeSiyoni kuzothiwa: lezozizwe zazalelwa khona lapho eSiyoni ikhaya lezizwe zonke.

6.

Imithombo yami yonke ikuwe, muzi ongcwele: basho njal' abaculayo nabasina ngentokozo.