Ngikhala kuwe, Nkosi yam'
Ngikhala kuwe, Nkosi yam', uMsindisi wami, imini nasebusuku ngikhala kuwe, Nkos'.
Mawufike phambi kwakho umkhuleko wami, indlebe yakh' uyibeke ekunxuseni kwam'.
Ngoba umphefumulo wam' ugcwel' izinsizi, impilo yam' isondele kub' abafileyo.
Nginjengomunt' ofileyo oshon' emgodini, yebo, ngifana nendoda elel' ethuneni.
Ungibekil' emgodini ojulile kabi ungibekil' ebumnyamen', Wena, o Nkosi yam'.
Ukuthukuthela kwakho kuyangisinda, Nkos', ngicindezelwa ngaphansi ngamadlambi akho.
Mina ngiyafa ngosizi ngikhala kuwe, Nkos', ngizelulel' izandla zam' kuwe, msindisi wam'.
Abant' abashonileyo bayakubonga na? Kukhulunywa ngomsa wakho emadlozini na?
Izimangaliso zakho ziyaziwa yini nokulunga kwakho, Nkosi, ebumnyameni na?
Kepha mina ngikhala, Nkos', ngikhala kuWena; yebo, umkhuleko wami uyenyuka kuwe.
Ulahlelan' umoya wam' Jehova, Nkosi yam'? Ungifihlelani mina ubuso bakho na?
Ngikhona, ngiyahlupheka ngingumunt' ofayo; imini nasebusuku ngizw' ulaka lwakho.
Luyangizungeza njalo nxazonke ngingedwa, ubumnyama, ubumnyama bungumhlobo wami.