Isiphephelo sethu
Isiphephelo sethu singuWena, Nkosi yaphakade, yebo ezizukulwaneni ngezizukulwane zonke.
Kungakavel' izintaba, ungakawenz' umhlaba nezwe kusukela phakad' naphakad' ukhona Wena, Nkosi yam'.
Uyambuyisela umuntu, othulini, uthi: Buyani, buyani, bantwana babantu, yebo, buyelan' othulini.
Ngob' iminyak' eyinkulungwan' injengezolo elidlulile nanjengomlindo ebusuku emehlweni akho, Jehova.
Uyabamukisa abantu banjengotshani obuhlumayo ekuseni buyakhahlela kusihlwa bunqunywe bubune.
Ngoba-a thina siyaqedwa ngokuthukuthela kwakho-o, yebo, thina siyabhubha nangolaka lwakho-o, Nkosi.
Ubekil' amacal' ethu phambi kwakho, Nkosi yaphakade, nezono zeth' ezifihliwe ekukhanyeni kobuso bakho.
Ngokuba izinsuku zethu ziyadlula ngolaka lwakho, siyafeza iminyak' yethu njengephefu eliphelayo.
Mhlawumbe sineminyaka engamashum' ayisikhombisa; ukuvama kwalezozinsuk' kungukuhlupheka nelize.
Sifundise, Nkosi yethu ukubala izinsuku zethu sizizuzele inhliziyo enokuhlakanipha konke.
Buya, Jehova, Nkosi yam', uzothula koze kube nini? Hawukel' izinceku zakho zisuthise ngomusa wakho.
Sithokozise thina nangezinsuku zokuhlupheka izenzo zakho mazivele kuzo izinceku zakho.
Yebo, ubuhle beNkosi mabube phezu kwabantu bakho; wubusise, Nkosi yethu, umsebenzi wezandla zethu.