Yen' ohlezi emthunzini
Yen' ohlezi emthunzini kaSomandla, Nkosi yakhe, uthi kuye: "Uyinqaba engiyethembayo yona".
UJehov' uyakukhipha ogibeni labacuphi nasobhadanen' olubi olubhubhisayo wena.
Yen' uyakusibekela ngezimpaph' ezisindayo, wen' awukwesabi lutho emini nasebusuku.
Nom' abaningi bayawa abayizinkulungwane, wen' ubon' ngamehlo akho ukuphindiselwa kwabo.
Wen' ohlezi emthunzini kaSomandla, Nkosi yakho, uthi kuye: "Uyinqaba engiyethembayo yona".
Ngoba uyakuyaleza i'ingelosi zakhe ngawe zikulondoloze wena ngezindlela zonke zakho.
Ingonyama nebululu ziyakunyathelwa phansi, yebo, wena unyathela isilo kanye nendlondlo.
Ngenxa yokukholwa kwakhe ngakho ngiyakumkhulula ngoba elaz' igama lam' ngizomphakamisa yena.
Oyakungibiza Mina ngiyakumphendula njalo yebo, ngiyakumsuthisa ngobuningi bezinsuku.