6
iHubo · Hymn

Ngikhona, ungangijezisi

Meter: 9.7.8.7.Tune: entsha

1.

Ngikhona, ungangijezisi ngentukuthelo yakho; ungiphilise ngomusa ngokuba ngidangele.

2.

Umphefumulo namathambo athuthumela njalo; buya ke ungisindise ngomhawu wakh' omkhulu.

3.

Ukufa akukukhumbuli nokukubong' akukho; ngimatisa icansi lam' ngezinyembezi zami.

4.

Sukani kimi, zitha zonke, ungizwa uNgikhona, uzwela ukukhala kwam' nemikhuleko yami.

5.

Izitha zami zizojabha zishaywe ngal' uvalo ziyakuhlehla zijabhe ngokuphazima kweso.