Bongani uNgikhona ngoba muhle
1.
Bongani uNgikhona ngoba muhle. Makath' uIsrayeli noAroni kanye nabo bonk' abamesabayo: Yebo, umusa wakh' umi phakade.
2.
Emcingweni ngakhuleka kuYena owangiphendula wangikhulula. Ukimi kanye nabangisizayo: ngibuka phansi abangizondayo.
3.
Ukuphephela kuNgikhona kuhle kunokwethemb' umuntu nezikhulu, abangikaka nabangizungeza ngiyabachitha egameni lakhe.
4.
Uyangisiza Yena uNgikhona, ngingawi nanxa bengihlohloloza ; owam ' amandla nesihlabelelo kunguNgikhona wensindiso yami.
5.
Izwi lokusindiswa nokwethaba lisezindlini zabalungileyo, isandla sokunen' sikaNgikhona sisebenza ngamandla siphakeme.
6.
Angiyikufa, cha, ngishumayele imisebenzi yonke kaNgikhona; ngivulelen' isango lokulunga ngingene ngimdumise uNgikhona.
7.
Itshe abalinqabayo abakhi selaba yinhloko yalo igumbi: Lona lavela kuye uNgikhona, liyisimangaliso emehlweni.
8.
Yilolu usuku alwenzileyo uNgikhona iNkosi yamakhosi, siyakwethaba siyaludumisa yebo ke sithokoze ngalo sonke.
9.
Ngiyakuncenga: Sindisa, Ngikhona, umbusise oz' egameni lakho; thina esisendlini kaNgikhona sinibusisa enimesabayo.
10.
We, hlobisani lonke ialtare; ngiyakubonga Wena, Nkosi yami. Bongani uNgikhona ngoba muhle; yebo, umusa wakh' umi phakade.