61
iHubo · Hymn

Nkosi, abagcina

Meter: 6.6.4.6.6.6.4.

1.

Nkosi, abagcina iziyalo zakho babusiswe; sengath' izindlela zami zingaqonda ngigcin' izimiso zonk' ezakho.

2.

Intsha ingahlanza kanjani uhambo lube msulwa? Ngokubheka kodwa ukuhamba kwayo ngeZwi lakho, Nkosi, esontweni.

3.

Vul' amehlo ami ngikubone Wena ngeZwi lakho; mina ngingumhambi nginesizungu la, ungangifihleli umthetho wakh'.

4.

Phakathi kwamanga phakathi kwezitha nezinhlamba ngikheth' iqiniso, ngibambelele nje ekulaleleni iZwi lakho.

5.

Yiba ngumfundisi wemiyalo yakho, ngiyigcine; phendul' amehlo am' angakuqapheli okuyize leze emhlabeni.

6.

Ngiphe isibindi ngiphendule kahle ongeyisa ngivum' igama lakh', ngingabi nanhloni phambi kwamakhosi nezikhulu.

7.

Abaklolodayo bahleka usulu ithemba lam'; Kodw' iZwi lakho, Nkos', liyiculo lami; ngidiniwe kabi ngabanjalo.

8.

Noma ngizungezwé zingibe zababi angikhohlwa yimiyalo yakho; ngishesh' ukuyenza, ngiboshwa yiyona ngentokozo.

9.

Ngingumngane wabo abakhonza Wena siyezwana. Kuwo wonk' umhlaba i'limi zibonga uthando olwakho kanye kanye.

10.

Ukuhlupheka kwam' kwakungivivinya, ngabona nje: nguwe ofundisa abantwana bakho ngendlela enzima ukukholwa.

11.

Zingak' izinsuku zokuxakeka kwam' emhlabeni? Ngiphelelw' amandla cishe ngiqedwe nya; gcwalis' iZwi lakho ngiduduze.

12.

Kuyofa abantu, kodw' umusa wakho umi njalo; kunjengezwe lethu elisemi njalo; ngikheth' izwi lakho elibanzi.

13.

Imfundiso yakho ihlakaniphisa inceku yakh' kunabafundile nabo abadala, ngikhetha Wena zwi, Mfundisi wam'.

14.

IZwi lilubhaqa olungikhanyisel' endleleni; angizuchezuka emthethweni wakho; Wen' uyifa lami, o Jehova.

15.

Dedani kimina eningihluphayo ekukholwen' mina angisuki eNkosini yami eyisiphephelo nesihlangu.

16.

Ngenzé ukulunga kowakho umthetho ngobuqotho; ngakho ngimele, Nkos', phambi kwezitha zam' ezidelelayo izwi lakho.

17.

Nxa kushunyayelwa izwi lakho, Nkosi, kuyakhanya; abasemnyameni bayakhanyiselwa, balandele Wena bangabakho.

18.

Jehova, ngiyimvu edwanguzelayo ehlane la; ngifune, malusi, ngiyakukhumbula, angihlukani nje nezwi lakho.