62
iHubo · Hymn
Ezintaben' ngiphakamisela
Meter: 10.4.10.4.10.10.Tune: Purday
1.
Ezintaben' ngiphakamisela amehlo am'. Usizo lwami luvelaphi na ? KuJehova! KuJehova kuvel' usizo lwam', owenzile izulu nomhlaba.
2.
Akazuvuma lushelel' unyaw', akozeli; olond' uIsrayel' akalali: nguJehova. Uyakulond' ungumthunzi wakho esandleni ngakwesokunene.
3.
Emini awuyokushiselwa, yil' ilanga. Nasebusuku awuzuhlushwa, ngay' inyanga. Ulondolozwa njal' uJehova ebubini bonke obukhona.
4.
Uyalonda ukuphila kwakho uJehova. Uzogcina ukuphuma kwakho nokungena. Kusukela manje naphakade kwaphakade ulondolozelwa.