7
iHubo · Hymn
Baba, Nkosi, unguSomandla wethu
Meter: 11.11.10.10.Tune: Hos.140
1.
Baba, Nkosi, unguSomandla wethu unegama elibabazekayo; Wena owabek' inkazimulo emazulwini nasemhlabeni.
2.
Ngemilomo yezingan' ezincane wagxilisa amandl' abaphilayo ukuba uthulise isitha nophindisayo ngay' uJehova.
3.
Nxà ngibheka ezulwini kuWena nomsebenzi ongowezandla zakho: umuntu angeze akhunjulwe, uyinak' indodana yomuntu.
4.
Umenzile waba-ngomuncinyana, Nkulunkulu, ngenkazimulo kuwe, wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla 5.Baba, Nkosi, unguSomandla wethu unegama elibabazekayo kangaka kuwo wonke umhlaba; Nkos', inkazimulo ingeyakho.