70
iHubo · Hymn
Bongani uNgikhona
Meter: 7.7.7.6.7.7.7.6.Tune: Dum.132
1.Verse 1
Bongani uNgikhona omuhle nonomusa akakho onjengaye: uphezu kwezithix'. wenz' izimangaliso: walenza lonk' izulu: mukhul' umusa wakhe umi naphakade.
2.Verse 2
Wamisa wonk' umhlaba nezinkanyiso zonke ilanga lasemini inyang' ebusuku. Washaya iGibithe wakhiph' uIsrayeli: mukhul' umusa wakhe umi naphakade.
3.Verse 3
Wahlukanis' ulwandle awel' uIsrayeli, wachith' abakaFaro elwandl' olubomvu. Ehlane wabahola abakwaIsrayeli: mukhul' umusa wakhe umi naphakade.
4.Verse 4
Washaya amakhosi u Ogi noSihoni wanik'uIsrayeli njengefa izwe law'. Wasikhumbula thina esaba sisephansi: mukhul' umusa wakhe umi naphakade.
5.Verse 5
Wasikhulula njalo ngomusa wakh' omkhulu; unika yonk' inyama ukudla iphile. Bongani uNgikhona ophezu kwakho konke: mukhul' umusa wakhe umi naphakade.