72
iHubo · Hymn

Nkosi, uyangivivinya

Meter: 8.7.8.7.

1.

Nkosi, uyangivivinya, uyakwazi konk' okwam': ukulala nokuvuka: uyakwazi konk' okwam'.

2.

Ukuhlala nokuhamba nokuzindla konk' okwam', akukho-nto ongayazi: uyakwazi konk' okwam'.

3.

Ngaphambili nasemuva unxa zonke kimina, lungehlul' uthando lwakho: uyakwazi konk' okwam'.

4.

Anginakuhamba ndawo la ungangitholi, Nkos', ezulwin' nasemhlabeni: uyakwazi konk' okwam'.

5.

'ma ngenyukel' ezulwini noma ngendlal' icansi phakathi kwabafileyo: uyakwazi konk' okwam'.

6.

'ma ngindiza ngamaphiko ngihlale ngalé kolwandl', ngosingathwa khona nguwe: uyakwazi konk' okwam'.

7.

Ebusuku emnyameni ngifunyanwa nguwe, Nkos', kungekho ongibonayo: uyakwazi konk' okwam'.

8.

Kunjengob' izandla zakho zangeluka phakathi esiswini sikamame: uyakwazi konk' okwam'.

9.

Kwakungekh' owangibona mhla ngibunjwa ngilihlul' ekusithekeni nguwe: uyakwazi konk' okwam'.

10.

Kwalotshw' izinsuku zami kuyo incwadi yakho, zanqunywa zingakafiki: uyakwazi konk' okwam'.

11.

Ngisebenza kuze kuse nokho ngeke ngibale eyakho imicabango: uyakwazi konk' okwanl'.

12.

Sengathi ungabulala, Nkulunkulu, ababi; sukani, bachithigazi: uyakwazi konk' okwam'.

13.

Abakuzonda, Ngikhona, nami ngiyabazonda, bayizitha kimi bonke. Uyakwazi konk' okwam'.

14.

Bheka inhliziyo yami ngixwayis' engozini ngihol' endleleni enhle: uyakwazi konk' okwam'.