75
iHubo · Hymn

Dumisani uJehova

Meter: 8.7.8.7.8.7.Tune: Dum. 88

1.

Dumisani uJehova iNkosi yaphezulu, zingelosi, nimdumise, nani, mabandla onke. ** (inhlwaza: Haleluya, haleluya, masimdumiseni uNgikhona)

2.

Langa, nyanga, zinkanyezi, nani nonke mazulu nani manzi aphezulu dumisan' igama lakh'. **

3.

Wayaleza kwadaleka konke kwabakhona nje, futhi kwamiswa nguYena kuze kube phakade. **

4.

Wakushayela umthetho ongakwaz' ukweqiwa. Ngakho dumisan' iNkosi uJehov' emhlabeni. **

5.

Nani zilwanyana zonke nawe mlilo phezulu, isichotho nesiphepho esenz' intando yakhe. **

6.

Izintaba namagquma, nani mithi yehlathi, izilwane nezinkomo nezihuquzelayo. **

7.

Nani makhosi omhlaba, zikhulu nabancane, izinsizwa nezintombi makhehla nezalukaz'. **

8.

Dumisan' igama lakhe, lona lodwa liphakem', kukhany' ubukhosi bakhe kuyo yonke indawo. **

9.

Uvusel' isizwe sakhe uphondo noludumo, siseduze naye njalo, singowakh' uIsrayel'. **