78
iHubo · Hymn
Umusa obabazekayo
Meter: 9.8.9.8.9.8.9.8.
1.
Umusa obabazekayo umusa womenzi wami. Ngubani ongawuzwa wona? ngokub' ungubomi bami? Ngizohlala ngiwubabaza kuyiwo umsebenzi wam'; usimze angibusise angisamlibali nami.
2.
Ingalo yakh' ingibambile, ngiphaswa ngamandla akhe. Ngamandla akh' ungigcinile zonke izinsuku zami. Isu lami livela kuye noma mina ngililahle, nguYena ongilungisayo ongiphay' izibusiso.
3.
Umusa wakhe ngowubheka ngob' ungokamenzi wami; ukuphambuka ngokuyeka ngiyilandela iNkosi. Yabhal' umthetho wayo wonke kuyo inhliziyo yami: mangiyithande ngobuqotho nabanye njengoqobo lwam'.
4.
Ngenxa zonke ngiyawubona umusa wakho, Nkosi yam'. Lomusa uyangimelela ukugcwalis' uhambo lwam'. Lomusa uyangithabisa ngibekezelel' usizi; nasekufeni ngizonqoba zonk' izinhlupheko zami.