80
iHubo · Hymn

Ngaphezu kwezintaba

Meter: 7.6.7.6.7.6.7.6.

1.

Ngaphezu kwezintaba phans' ezimfundeni, nalapho siya khona ngenhla nasenzansi: nalaph' imicabango yeth' izula khona, uNkulunkulu wethu ukhona nalapho.

2.

Amehlo kaSomandla abona konke la abheka izikhova naz' izilwanyana; ugcin' amagwababa uhlumis' utshani; udlisa nezinhlava: uhlela konke la.

3.

Phezulu ezulwini nala emhlabeni naphansi emanzini konk' okuphilayo. Zonk' izidalwa zakhe zimemeza ngcingci ngawo umusa wakhe nangothando lwakhe.

4.

We, mkristu, mudumise uJehova wakho. Nguye okugcinayo nxa unezinhlungu nxa izihlobo zakho zikujabhisa la, nasekufeni kwakho ukhona phinaphi.