84
iHubo · Hymn

Wozani makholwa

Meter: 6.6.10.11.7.7.7.5.
1.Verse 1

Wozani makholwa, wozani ngothabo, masihambe siy' eBetlehema: kwazalwa khona uMsindisi wethu. **(inhlwaza): Wozani masiguqe, wozani masiguqe, wozani masiguqe, kuKristu iNkos'.

2.Verse 2

O, bayede, Nkosi, mninimandla onke ! Waba ngumuntu ebantwini la. Nkos', Nkulunkulu, wazalwa phakade. **

3.Verse 3

Dumisani nonke nazo ingelosi nethabe kuNkulunkulu nonke ngalensindiso ekuJesu Kristu. **

4.Verse 4

Wazalelwa thina, Jesu Nkulunkulu, udumo nobukhosi bukuwe, kithi wafika ngothand' olungaka. **