89
iHubo · Hymn

Wadatshulwa ngenxa yami

Meter: 8.6.8.6.

1.

Wadatshulwa ngenxa yami, Dwala laphakade! Ngiphiliswa nguwe mina, Nxeba likaJesu!

2.

Ngokwani ukugobhoza, kolwakh' uhlangothi? Ngokwegazi nokwamanzi mangihlanjululwe.

3.

Zonk' izinyembezi zami zingefeze lutho. Nguwe, Nkosi, osusayo amacala ami.

4.

Anginaluth' esandleni ngiza nginje, Nkosi! Ngiza esiphambanweni ekubethelweni.

5.

Wadatshulwa ngenxa yami, Dwala laphakade! Ngiphiliswa nguwe mina, Nxeba likaJesu!