9
iHubo · Hymn

Ngiyaphephela kuNgikhona

Meter: 9.9.9.9.9.9.9.9.Tune: entsha

1.

Ngiyaphephela kuNgikhona nisho kanjani kumoya wam': "Balekel' entabeni yakho njengenyoni yasezulwini"? Ngoba bhekani, bawunsala umnsalo wabo lab' ababi, babeke imicibisholo bacibishele abaqotho.

2.

Izisekelo zidilizwa, olungileyo angenzani? Kodwa ke uNgikhona Nkosi usethempelin' elingcwele; uyahlala esihlalweni sobukhos' esisezulwini, amehlo akhe ayabuka ahlolisis' abantu bonke.

3.

Uyamhlola olungileyo, kepha ababi nabathanda ubudlwangudlwangu nobutha ubazonda ababhubhise. Ngob' uNgikhona ulungile, uyakuthanda ukulunga; ngakho-ke bonke abaqotho bayobheka ubuso bakhe.