Emafwini nangu ehla
1.
Emafwini nangu ehla; wafel' aboni kanye. Amabandla aphezulu nabangcwel' abaningi beza naye bejabula Haleluya, haleluya! Emafwini nangu ehla, Haleluya. Amen.
2.
Uyabonw' amehlo onke ehlobel' ubukhosi; labo adeleka kubo bamhlaba bambethela, bahlupheka, bahlupheka sebemazi unguKristu. Emafwini nangu ehla, Haleluya. Amen.
3.
Ukushaywa kwecilongo alisayikum' izwe; libalek' izulu futhi. Bonk' ababemuzonda bayakuzwa izwi lithi: "Niyabizwa ngumahluli". Emafwini nangu ehla. Haleluya. Amen.
4.
Kuhle, sekufike manje ukusindiswa kwethu; abangcwele bakhe bonke benyuka bamfumane; bayahuba ngenjabulo. Haleluya, haleluya! Emafwini nangu ehla. Haleluya. Amen.
5.
Yebo, amen; sokhuleka nakuMsindisi wethu: "Thatha, Nkos', amandla akho bus' embusweni wakho". Khona sizohlabelela: Haleluya, haleluya! Emafwini nangu ehla. Haleluya. Amen.